Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 8:2 - IsiZulu 2020

2 Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 8:2
19 Referans Kwoze  

Wayengumuntu okholwayo nomesabayo uNkulunkulu kanye nabendlu yakhe yonke. Wayabela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu engaphezi.


Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga.


Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayukumlilela bathi: ‘Hawu, mfowethu,’ noma, ‘Hawu, dadewethu!’ futhi abayukumkhalela bathi: ‘Hawu, nkosi,’ noma, ‘Maye, inkazimulo yakhe!’


Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni kalusizi othunjwayo, ngokuba akasayukubuya; kasayukuphinde alibone izwe azalelwa kulo.


UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


UHezekiya wayesekhothama, bamngcwaba emmangweni wamadlinza ozalo lukaDavide, wonke uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema bamhlonipha emngcwabeni wakhe. UManase, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu eyisaka, nilile phambi kuka-Abhineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.


Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.


Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.


USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.


Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.


Kwakhuphuka ngisho namabutho agibele izinqola zempi, nagibele amahhashi, kwaba yisixuku esikhulu kakhulu.


Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza, bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite