Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 7:55 - IsiZulu 2020

55 Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

55 Kodwa yena egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, loJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kodwa yena egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, loJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 7:55
27 Referans Kwoze  

Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.


UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.


Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya.


Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,


Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.


U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo.


Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.


Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


Inkazimulo kaSimakade yakhuphuka isuka phakathi komuzi, yayoma entabeni engasempumalanga yomuzi.


Inkazimulo kaSimakade yasuka phezu kwekherubhi, yaya emphemeni wendlu. Indlu yagcwala ifu, negceke lagcwala ukukhazimula kwenkazimulo kaSimakade.


Wawunenkazimulo kaNkulunkulu; ukucwazimula kwawo kunjengetshe eliyigugu sengathi yitshe ijasphi elicwebezelayo.


Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni emangalisayo, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”


UPhethro egcwele uMoya oNgcwele, wathi kubo: “Babusi besizwe nani malunga,


Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona.


Inkazimulo kaSimakade yasuka emphemeni wendlu, yama phezu kwamakherubhi.


Ngasukuma, ngahamba ngaya ethafeni; inkazimulo kaSimakade yayimi khona, injengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebhari, ngase ngikhothama, ngathi mbo ngobuso.


Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite