Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 7:38 - IsiZulu 2020

38 “Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

38 Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 7:38
26 Referans Kwoze  

Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu.


Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume ngokwamazwi avela kuNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze njengokwamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Khristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Nina enemukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kodwa anawugcina.”


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


UMose wasinika umthetho, waba yifa lenhlangano kaJakobe.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo.


Ngokuba izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniswa, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwajeziswa ngokufanaleyo.


Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli.


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ukuba ube ngumbusi nomehluleli na?’ nguyena kanye uNkulunkulu amthuma ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, ukuba abe ngumbusi nomhlengi wabo.


“Kuthe sekwedlule iminyaka engama-40, kwabonakala kuye esehlane elingasentabeni iSinayi, ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.


NguMoya ongophilisayo, inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya, futhi angukuphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite