Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 6:10 - IsiZulu 2020

10 Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Kodwa babengelakho ukumelana lokuhlakanipha loMoya ayekhuluma ngaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa babengelakho ukumelana lokuhlakanipha loMoya ayekhuluma ngaye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 6:10
18 Referans Kwoze  

ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,


Izinceku zaphendula, zathi: “Akukho muntu osewake wakhuluma njengaloya muntu.”


Nokho kumuntu kukhona umoya, ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.


Ngalokho-ke hamba, ngizokuba semlonyeni wakho, ngikufundise ozokusho.”


Uyakuhamba phambi kwayo enomoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhliziyo zawoyise, babuyisane nabantwana, abangalaleliyo babe nokuqonda kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esikulungiselweyo ukufika kwayo.”


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Kuyothi lapho ngikhuluma nawe, ngivule umlomo wakho, bese uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade.’ Ozwayo makezwe, onganaki makanganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”


Ngiphuphuma amazwi ngaphakathi; umoya wami uyangiqhubezela.


kodwa uma kuvela kuNkulunkulu, aniyukuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabaphikisana noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani.


Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite