Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:9 - IsiZulu 2020

9 Kepha uPhethro wathi kuye: “Kungani nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Uyabona-ke, izinyawo zabangcwabe umyeni wakho zisemnyango, nawe-ke bazakukukhiphela phandle.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 UPetru wayesethi kuye: “Kungani ukuba nivumelane ukulinga uMoya weNkosi na? bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bayakukukhiphela phandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UPetru wayesethi kuye: “Kungani ukuba nivumelane ukulinga uMoya weNkosi na? bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bayakukukhiphela phandle.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:9
24 Referans Kwoze  

Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka.


Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe.


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Ngakho-ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi nibeke ijoka entanyeni yabafundi, obaba kanye nathi esingabanga namandla okulithwala na?


Wayibiza wathi kuyo: ‘Yini le engiyizwayo ngawe na? Ngilandise ngobunceku bakho, ngokuba ngeke usaqhubeka ukuba yinduna.’


UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Bonke abanhliziyo ezikhukhumezayo bayisinengiso kuSimakade; impela akayukuyeka ukubajezisa.


Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa, kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.


Uma ubona isela, uvumelana nalo, neziphingi uhlanganyela nazo.


Yayisithumela isithunywa phambi kwayo; u-Elisha wayehleli endlini yakhe, namalunga ehleli naye; kepha singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukuze kunqunywe ikhanda lami na? Bhekani, kuyokuthi lapho sifika isithunywa nivale umnyango nisicindezele ngawo. Kanti izigi zenkosi yaso azikho yini emva kwaso na?”


bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,


Leyo ndawo wayibiza ngokuthi kuseMasa neMeribha, ngenxa yokuphikisana kwabantu bakwa-Israyeli, nangenxa yokuba bamvivinya uSimakade lapho, bethi: “Ngabe uSimakade ukhona yini phakathi kwethu noma qha?”


Abantu baxabana noMose, bathi: “Sinike amanzi ukuze siphuze.” UMose wathi kubo: “Nilwelani nami na? Nimvivinyelani uSimakade na?”


Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


Izinsizwa zasuka, zamsonga, zamkhiphela phandle, zamngcwaba.


Kwathi lapho uNkulunkulu engikhipha kwabakithi ngathi kumkami: ‘Uyobe ukhombise ukuthembeka uma noma kuphi lapho sifika khona ubatshela ukuthi ngingumfowenu.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite