Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:5 - IsiZulu 2020

5 Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:5
26 Referans Kwoze  

Kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa wukwesaba; abaphostoli benza izimangaliso nezibonakaliso eziningi.


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo.


Bengishilo ngaphambilini ngesikhathi ngifikile okwesibili, namanje njengalokhu ngingekho, kulabo abekade bonile nakubo bonke abanye, ukuthi nxa ngifika futhi, angiyukuba nasihawu.


Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba.


Pho nifunani na? Ngize lapho kini ngihlome ngenduku, noma ngothando nomoya omnene na?


Isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga okwesikhashana.” Ngokushesha wehlelwa yinkungu nobumnyama, wahamba efuna ongahle amhole.


Kepha kwabanye abantu akukho namunye owaba nesibindi sokuzihlanganisa nabo, kodwa abantu babebazisa kakhulu.


Kwathi ngisaphrofetha, kwafa uPhelathiya, indodana kaBhenaya. Ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Uzakuyiqeda nya yini insali yakwa-Israyeli na?”


Ngakho-ke, usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngokuba nikhulume leli lizwi, amazwi ami, ngiyakuwenza amazwi ami emlonyeni wenu, abe ngumlilo laba bantu babe yizinkuni, ubadle.


Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.


Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo.


Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.”


UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo lusuku, wathi: “Pho ngingawungenisa kanjani kwami umphongolo kaNkulunkulu na?”


Waphenduka, wababona, wabaqalekisa egameni likaSimakade, kwase kuphuma ehlathini amabhere ezinsikazi amabili abadwengula labo bafana ababengama-42.


U-Akhani, indodana kaZera, akenzanga yini isiphambeko ngokuqalekisiweyo, kwathi yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo, na? Akazange abhubhe yedwa ngenxa yesiphambeko sakhe.’ ”


Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”


Wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe, angaphinde enze ububi obunjengalobo obuphakathi kwenu.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Ngalokho, ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze kuthi uma sengifikile nginganiphathi ngesandla esiqinileyo, ngokwegunya iNkosi eyanginika lona, lokuba ngakhe, ngingabhidlizi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite