Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:36 - IsiZulu 2020

36 Ngokuba kulezi zinsuku ezedlule, kwasuka uThewuda wazenza umuntu omkhulu; waba nabalandeli, amadoda angaba ngama-400. Wabulawa, kwathi bonke abamlalelayo, bahlakazeka baphela nya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda, ezishaya utho; okwazihlanganisa naye isibalo sabantu kungathi abangamakhulu amane; bonke abamlalelayo bahlakazeka, baba yize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda, ezishaya utho; okwazihlanganisa naye isibalo sabantu kungathi abangamakhulu amane; bonke abamlalelayo bahlakazeka, baba yize.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:36
14 Referans Kwoze  

Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu.


Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa,


ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.


Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.


Kanti awusiye yini umGibhithe, okwathi ngaphambi kwalezi zinsuku wadala isiyaluyalu, wembuka, waholela amadoda ayizi-4 000 ehlane, angababulali na?”


Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.


Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


“Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Nango usehlane,’ ningayi lapho; noma bethi: ‘Nangu, usendlini,’ ningabakholwa.


Ngokuba kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKhristu,’ badukise abaningi.


wayesethi kubo: “Madoda akwa-Israyeli, cabangisisani ngalokho enizakukwenza kulaba bantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite