Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 5:3 - IsiZulu 2020

3 UPhethro wayesethi: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle ingxenye yemali yezwe na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kodwa uPetro wathi: Ananiya, kungani uSathane egcwalise inhliziyo yakho ukuze uqambe amanga kuMoya oNgcwele, njalo ugodle inxenye yentengo yensimu?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kodwa uPetro wathi: Ananiya, kungani uSathane egcwalise inhliziyo yakho ukuze uqambe amanga kuMoya oNgcwele, njalo ugodle inxenye yentengo yensimu?

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 5:3
25 Referans Kwoze  

“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”


Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.


Kepha uPhethro wathi kuye: “Kungani nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Uyabona-ke, izinyawo zabangcwabe umyeni wakho zisemnyango, nawe-ke bazakukukhiphela phandle.”


Emva kokuba emukele ucezu, uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuJuda: “Lokhu okwenzayo, kwenze masinyane.”


Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.


Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela.


Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.


Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na? Angehlulela yini engale kwesigayegaye na?


Le ndawo ingakathengiswa bekungesiyo yini eyakho na? Lapho seyithengisiwe ibingekho yini emandleni akho na? Pho yini unqume ukwenza lobu bubi enhliziyweni yakho na? Awuqambanga nje amanga kubantu kodwa kuNkulunkulu.”


Kepha yagodla enye ingxenye yemali, nomkayo azi, yaletha ingxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.


USathane wangena kuJuda okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabalishumi nambili.


“Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.


‘Uma umuntu enza isifungo kuSimakade, noma enza isifungo ezibophezela ngaso, akayukulaphula izwi lakhe. Uyokwenza njengalokho akukhulume ngomlomo wakhe.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.


Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi: “Kungcwele,” bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite