Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 4:21 - IsiZulu 2020

21 Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 4:21
18 Referans Kwoze  

Yaphuma-ke induna kanye nezikhonzi, zabaletha, hhayi ngempoqo, ngokuba babesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.


Abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna iqhinga lokuthi bangambulala kanjani uJesu, ngokuba babesaba abantu.


Izazimthetho nabaphristi bafuna ukumbamba ngezandla khona lapho, kodwa besaba abantu, ngokuba babazi ukuthi ukhulume lo mzekeliso ewuqondise kubo.


“Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bayakholwa ngukuthi uJohane ungumphrofethi.”


Bafuna ukumbamba, kodwa besaba izixuku, ngokuba zazithi ungumphrofethi.


Izixuku zikubona lokho zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onike abantu igunya elinjalo.


Sebebabizile abaphostoli, babashaya, babaxwayisa ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, base bebakhulula.


Kodwa ukuze lokhu kungandi phakathi kwabantu, masibadonse ngendlebe, ukuthi bangalokothi baliphathe lelo gama kunoma ngubani.”


Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye, kepha isixuku sonke sathokoza ngenxa yemisebenzi yonke emangalisayo ayenzileyo.


Bonke bathuthumela, base bemdumisa uNkulunkulu futhi begcwele ukwesaba, bathi: “Sibone izinto ezimangalisayo namuhla.”


Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.”


Isixuku saze samangala sibona izimungulu zikhuluma, abakhubazekile besinda, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona. Base bemdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kuthe selikhishiwe idimoni, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Hawu, akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli!”


Umuntu okwakwenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphiliswa wayeseneminyaka eyevile kwengama-40.


Kepha kwabanye abantu akukho namunye owaba nesibindi sokuzihlanganisa nabo, kodwa abantu babebazisa kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite