Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 4:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi besakhuluma nabantu, kwatheleka abaphristi nenduna yethempeli nabaSadusi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi besakhuluma ebantwini, abapristi lenduna yethempeli labaSadusi beza phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi besakhuluma ebantwini, abapristi lenduna yethempeli labaSadusi beza phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 4:1
20 Referans Kwoze  

Wasuka wayobhunga nabaphristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani uJesu kubo.


Bashusha abantu, amalunga, nezazimthetho ukuba batheleke kuye; bambamba, bamyisa emkhandlwini.


Yaphuma-ke induna kanye nezikhonzi, zabaletha, hhayi ngempoqo, ngokuba babesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.


Kuthe lapho iwezwa lawa mazwi induna yethempeli nabaphristi abakhulu, bamangala ukuthi ngabe kwenzekeni.


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


u-Anase umphristi omkhulu, uKhayifase, uJohane, u-Aleksandru, nabo bonke abendlu yomphristi omkhulu;


UJuda esetholile isigejana samabutho, izikhonzi zabaphristi abakhulu, nabaFarisi, wahamba nabo baya kuleyo ndawo, bephethe izihlonti, izibani nezikhali.


Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu.


Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho namalunga nabo bambhinqa, bathi:


Kepha abaphristi abakhulu namalunga bazinxenxa izixuku ukuba zicele uBharabha, kodwa zimbulale uJesu.


Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.


Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.


Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.


Kwathi ngolunye usuku uJesu efundisa abantu ethempelini futhi eshumayela ivangeli, abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga, bamvukela.


Kwase kusuka umphristi omkhulu, nabo bonke ababenaye beqembu labaSadusi, begcwele umona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite