Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:17 - IsiZulu 2020

17 “Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nakwenza lokho ngokungazi njengababusi benu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenze ngokungazi njengababusi benu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenze ngokungazi njengababusi benu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:17
23 Referans Kwoze  

UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.


Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga Yena, namazwi abaphrofethi afundwa masabatha wonke, kodwa bawafeza ngokumlahla.


Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo.


Bayakukwenza lokho ngokuba bengamazanga uBaba nami.


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu.


UNkulunkulu akasilahlile isizwe sakhe ayesazi phambilini. Kanti anazi yini ukuthi uthini umbhalo ngo-Eliya lapho enxusa uNkulunkulu emelene no-Israyeli na?


“Kepha mina ngokwami ngazimisela ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha.


bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lo owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.’


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile yini na? Hlolisisa kahle umbhalo, ubone ukuthi akukho mphrofethi ovela eGalile.”


Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


Lapho abantu bebona ukuthi uMose usephuzile ukwehla entabeni, babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Woza, usenzele onkulunkulu abazohamba phambi kwethu, ngokuba lo Mose, umuntu owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


UJosefa wathi kubo: “Kuyini lokhu enikwenzileyo na? Anazi yini ukuthi umuntu onjengami uyakwazi ukubhula na?”


Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami.


U-Abhimeleki wathi: “Angazi ukuthi ngubani owenze leyo nto. Ngiyayeshwama nje namuhla, futhi nawe awukaze ungilume indlebe ngayo.”


Kepha uma ukuphila kulo mzimba kuyisithelo somsebenzi kimi, engizakukukhetha angikwazi.


UPilatu wabizela ndawonye abaphristi abakhulu, ababusi nabantu,


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


njengoba nomphristi omkhulu ufakaza ngami, namalunga wonke. Yibona engemukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngangiya eDamaseku ukuba abakhona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Base bethi kuye: “Thina akukho ncwadi evela eJudiya esiyitholile emayelana nawe, futhi akukho muntu kubazalwane ofikile ukubika noma ukukunyembenya.


abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite