Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:15 - IsiZulu 2020

15 nambulala oNgumthombo wokuphila, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, thina esingofakazi balokho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Labulala uMbusi wokuphila, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo; esingofakazi bakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Labulala uMbusi wokuphila, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo; esingofakazi bakho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:15
29 Referans Kwoze  

Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Lo Jesu, uNkulunkulu wamvusa; thina sonke singofakazi balokho.


Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo.


Kulotshiwe futhi ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumuntu ophilayo. U-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.


Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu.


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami.


asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini,


Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


kusukela embhabhadisweni kaJohane kuze kube wusuku akhushulwa ngalo kithi, enye yawo ibe ngufakazi kanye nathi, wokuvuka kwakhe.”


Nina-ke ningofakazi balezi zinto.


benengwe kakhulu ngokufundisa kwabo abantu, nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo.


sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite