Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:14 - IsiZulu 2020

14 Kodwa nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba nikhululelwe umbulali,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kepha naphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe umbulali;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha naphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe umbulali;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:14
22 Referans Kwoze  

wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,


Nilahle ngecala, nambulala olungileyo ongakwazi ukumelana nani.


“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wokhokho wakumisela phambilini ukuba uyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe.


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi:


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba awuyukuwushiya umphefumulo wami eHayidese, futhi awuyukuvuma oNgcwele wakho abone ukubola.


Wamkhulula lowo owayeboshwe ngenxa yokudala isiyaluyalu nokubulala, ababemcelile, kodwa uJesu wamnikela kubo njengokuthanda kwabo.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.


Kepha abaphristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba sithi kungcono asikhululele uBharabha.


Kwakukhona omunye owayebizwa ngoBharabha, owayeboshwe namahlubuka, okwathi ngesikhathi sokuhlubuka, babulala umuntu.


Ngokuba awuyiyekelanga impilo yami kwelabafileyo; nokuba othembekileyo wakho abone igodi.


Kepha abaphristi abakhulu namalunga bazinxenxa izixuku ukuba zicele uBharabha, kodwa zimbulale uJesu.


ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone;


Bamemeza futhi bonke, bathi: “Hhayi lo muntu, kodwa uBharabha.” Nakuba uBharabha wayengumphangi.


wathi: “Asinidonsanga yini ngendlebe ukuba ningafundisi ngaleli gama, kodwa senigcwalise iJerusalema ngemfundiso yenu, futhi nizimisele ukwehlisela igazi lalo muntu phezu kwethu.”


Nakuba bengafumananga cala lokufa kuye, nokho bamnxenxa uPilatu ukuba abulawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite