Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 3:1 - IsiZulu 2020

1 UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 3:1
27 Referans Kwoze  

Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami.


Waba nombono lapho abona kuwo ngokusobala ingelosi kaNkulunkulu ifika kuye, cishe ngehora lesishiyagalolunye emini, ithi: “Khorneliyu!”


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Isixuku sonke sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sokunikelwa kwempepho.


Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Amadoda ebeniwafake ejele asethempelini, afundisa abantu.”


Babekhona njalo ethempelini, bemdumisa uNkulunkulu.


Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,


Ngakho-ke lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPhethro: “YiNkosi.” USimoni Phethro, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa olwandle.


UJesu wathuma uPhethro noJohane, wathi: “Hambani niyosilungisela iPhasika ukuba sidle.”


Wathatha uPhethro namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi.


Sekwedlule izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane umfowabo, wenyukela nabo entabeni ende, bebodwa.


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo,


Kwathi ngesikhathi sokunikela, u-Eliya umphrofethi wasondela, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, namhlanje makwazeke ukuthi Wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngikwenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Iwundlu elilodwa uyolinikela ekuseni, kuthi elinye ulinikele kusihlwa.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Enye imvu uyonikela ngayo ekuseni, enye kusihlwa.


Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


“Abantu ababili benyukela ethempelini ukuyokhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.


Kwathi ukuba ibone uPhethro noJohane bezongena ethempelini, yacela ukuphiwa isipho.


Kepha uPhethro noJohane bayigqolozela, wathi kuyo: “Sibheke!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite