Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 28:4 - IsiZulu 2020

4 Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 28:4
20 Referans Kwoze  

Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na?


Waphendula wathi kubo: “Nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni kunabo bonke yini abanye baseGalile, ngokuba behlelwa yilowo mshophi na?


Kepha wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.


Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza.


Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”


Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare.


Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo,


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.


Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.


Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”


UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite