Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 28:3 - IsiZulu 2020

3 UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 28:3
13 Referans Kwoze  

“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi.


Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”


njengabangaziwa kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti siyaphila, njengabashaywayo kanti asibulawa,


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


Bachamsele amaqanda ebululu, baluka ubulwembu besicabucabu; odla amaqanda abo uyokufa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.


Bhekani, nivela ezeni, nemisebenzi yenu ayilutho; uyisinengiso onikhethayo.


Isiphrofetho maqondana nezilwane zaseNegevu. Badabula ezweni losizi nenhlupheko, elebhubesi nebhubesikazi, elebululu nenkanyamba; umcebo wabo bawethwesa izimbongolo, ingcebo yabo bayibeka emalundeni amakameli, bayiyisa kubantu abangenakubasiza ngalutho.


Uncela isihlungu sezimfezi, abulawe wulimi lwenyoka.


Kunjengokuba ethi umuntu ubalekela ibhubesi, ahlangane nebhele, athi uya endlini ancike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite