Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 27:33 - IsiZulu 2020

33 Kwathi sekuzokusa, uPawula wabancenga bonke ukuba badle. Wathi: “Namuhla wusuku lwe-14 nilindile, nilokhu nizilile, ningadli lutho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nizila ukudla, ningadli lutho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nizila ukudla, ningadli lutho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 27:33
6 Referans Kwoze  

Amabutho anquma amagoda esikebheni, asidedela sawa.


Ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kuzakuba ngukusinda kwenu, akuyukulahleka nwele ekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.”


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


UJesu wababiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihleli nami, singenakho esingakudla. Angithandi ukubamukisa belambile, funa baphelelwe ngamandla endleleni.”


Kuthe esedlile, abuya amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile.


Kwase kuyisikhathi eside bengadli lutho, uPawula wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, anasuka eKhrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kulahlekelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite