Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 26:9 - IsiZulu 2020

9 “Kepha mina ngokwami ngazimisela ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 26:9
16 Referans Kwoze  

nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


“Ngaphendula ngathi: ‘Ungubani, Nkosina?’ “Wathi kimi: ‘NginguJesu waseNazaretha omzingelayo.’


Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.


Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini,


“Le ndoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, ingumholi wehlelo lamaNazaretha,


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Ngokuba ngizakumbonisa ukuthi kumele ahlupheke kangakanani ngenxa yegama lami.”


Kepha uPhethro wathi: “Isiliva negolide anginalo, kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu uKhristu waseNazaretha, sukuma uhambe.”


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


“Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nakwenza lokho ngokungazi njengababusi benu.


USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu,


“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.


Ngayizingela le Ndlela kwaze kwaba sekufeni, abesilisa nabesifazane ngibabopha, ngibakhaphela emajele,


Abantu balowo muzi bathi kuJowashi: “Ikhiphele phandle indodana yakho, ukuze ife, ngokuba ibhidlize i-althare likaBhali, yagawula nensika engcwele ebiseduze kwalo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite