Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 25:6 - IsiZulu 2020

6 Esehlalile nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili noma ezilishumi, wehlela eKhesariya. Ngakusasa wahlala esihlalweni sokwehlulela, wayaleza ukuba uPawula alethwe kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso ehlezi esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso ehlezi esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 25:6
11 Referans Kwoze  

Ngakho-ke sebebuthene lapha, angipholisanga maseko, ngahlala esihlalweni sokwehlulela ngakusasa. Ngayaleza ukuba le ndoda ilethwe,


UPawula wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaKhesari, lapho kumele ngehlulelwe khona. Akukho okubi engikwenze kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.


Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”


Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?


Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.


Ngakho-ke uPilatu esezwile lawo mazwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu. Wahlala esihlalweni sokwehlulela endaweni okuthiwa: “EGandaywe Ngamatshe,” ngesiHebheru okuthiwa iGabhatha.


Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.


Kwathi uFestu esefikile esifundeni, emva kwezinsuku ezintathu, wasuka eKhesariya, wakhuphukela eJerusalema.


Kepha uFestu wabaphendula ngokuthi uPawula njengoba egcinwe eKhesariya nje, naye usazobuyela khona lapho ngokushesha.


Wayesethi: “Makwehle kanye nami izikhulu phakathi kwenu, uma kukhona utho olubi elwenzileyo le ndoda, aziyimangalele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite