Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 25:25 - IsiZulu 2020

25 mina angifumananga lutho olufanele ukufa kwakwenzileyo, kodwa ngenxa yokuthi ulwedlulisele kuKhesari udaba lwakhe, nginqume ukumthumela lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kodwa mina ngithole ukuthi akenzanga lutho olufanele ukufa, lokuthi yena ngokwakhe walidlulisela kuAwugusi, ngaquma ukumthuma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kodwa mina ngithole ukuthi akenzanga lutho olufanele ukufa, lokuthi yena ngokwakhe walidlulisela kuAwugusi, ngaquma ukumthuma.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 25:25
11 Referans Kwoze  

Ngafumana ukuthi imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kodwa kungekho lutho olufanele ukubulawa noma ukuboshwa.


Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?”


UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.”


kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzanga lutho olufanele ukuba afe noma ukuboshwa.”


Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Esekushilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye.


wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo.


Izikhulu nabo bonke abantu bathi kubaphristi nabaphrofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Anginalutho oluqinisekileyo ngaye engingayilobela yona inkosi, yingakho-ke ngimlethe phambi kwakho, nkosi, Agripha, ukuze kuthi uma sewuluvavanyile udaba lwakhe, ngibe nakho engingakuloba.


Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari.


Athi esengihlolile, afuna ukungikhulula, ngokuba athi awafumani cala kimi elifanelwe ukuba ngife.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite