Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 23:15 - IsiZulu 2020

15 Ngakho-ke manje, nina kanye nomkhandlu yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nihlose ukuhlolisisa udaba lwakhe; thina-ke sikulungele ukumbulala engakasondeli.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ngakho-ke nina kanye nomphakathi bonisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini kusasa ngokungathi nifuna ukuhlolisisa kahle okumayelana naye;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngakho-ke nina kanye nomphakathi bonisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini kusasa ngokungathi nifuna ukuhlolisisa kahle okumayelana naye;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 23:15
14 Referans Kwoze  

Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.


ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi.


Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.


Ngokuba abalali uma bengakwenzanga okubi; bayaqwasha uma bengakhubekisanga muntu;


Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;


becela umusa kuye ukuba ambizele eJerusalema uPawula; base bakhe uzungu lokumbulala endleleni.


Isigejane samabutho, induna yenkulungwane, nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.


UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”


UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”


UJonadaba wathi kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo, kuyothi lapho uyihlo efika ukuzokuhlola, uthi kuye: ‘Ake uvumele uThamari, udadewethu, kube nguye ozongenzela ukudla, akwenze phambi kwami ngimbuka, ukuze ngimbone, ngidle engifunza.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite