Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 23:10 - IsiZulu 2020

10 Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Kwathi sekuqubuka ukuphikisana okukhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawuli ungahle adwetshulwe yibo, yalaya amabutho ukuthi ehle, amthathe phakathi kwabo, amngenise enqabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kwathi sekuqubuka ukuphikisana okukhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawuli ungahle adwetshulwe yibo, yalaya amabutho ukuthi ehle, amthathe phakathi kwabo, amngenise enqabeni.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 23:10
16 Referans Kwoze  

Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe enkanjini, yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasici sini esibenza bamemeze kanje ngaye.


Ngakusasa ashiya ababegibele amahhashi ukuba bahambe naye, wona ayesebuyela enkanjini.


“Le ndoda ibibanjwe ngabaJuda, kwathi lapho sebezoyibulala, ngafika namabutho, ngayisindisa sengizwile ukuthi ingumRoma.


Kepha umshana kaPawula walizwa icebo labo lokumlalela unyendle, bambulale, wayeseya enkanjini, wangena, wambikela uPawula.


Nidle inyama yabantu bami, nabaxebula isikhumba sabo, amathambo abo nawaphoqophoqoza, nabaqobaqobela ebhodweni nakugalaza njengenyama.”


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.


Lapho esezongeniswa enkanjini, uPawula wathi enduneni yenkulungwane: “Ngabe ngivunyelwe yini ukuba notho engilushoyo kuwe na?” Yona yathi: “Uyasazi yini isiGriki na?


Ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emkhandlwini wabo.


Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga.


Kepha kwafika uLisiya, induna yenkulungwane, wayithatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite