Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 22:30 - IsiZulu 2020

30 Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngangomuso, efuna ukwazi iqiniso, ukuthi kungani amangalelwe ngamaJuda, wamkhulula eziboshweni, wayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke wabo beze, wamehlisa uPawulu, wammisa phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngangomuso, efuna ukwazi iqiniso, ukuthi kungani amangalelwe ngamaJuda, wamkhulula eziboshweni, wayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke wabo beze, wamehlisa uPawulu, wammisa phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 22:30
13 Referans Kwoze  

Ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emkhandlwini wabo.


Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”


Ngakho-ke manje, nina kanye nomkhandlu yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nihlose ukuhlolisisa udaba lwakhe; thina-ke sikulungele ukumbulala engakasondeli.”


njengoba nomphristi omkhulu ufakaza ngami, namalunga wonke. Yibona engemukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngangiya eDamaseku ukuba abakhona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawula, wazibopha ngalo izinyawo nezandla, wathi: “Usho lokhu uMoya oNgcwele, uthi: ‘Lo muntu ongumnikazi waleli bhande, abaJuda eJerusalema bazakumbopha kanje, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


Sebezwile, bangena ethempelini entathakusa, bafundisa. Kepha kwafika umphristi omkhulu nayehamba nabo, babizela ndawonye umkhandlu namalunga wonke abantu bakwa-Israyeli, base bethumela ejele ukuba balethwe kubo.


Bambopha, bahamba naye, bamnikela kuPilatu, umbusi.


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”


UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”


Yathi: “AbaJuda bavumelene ukuza bakucele ukuba kusasa wehlisele uPawula emkhandlwini, ngokungathi bahlose ukuhlolisisa udaba lwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite