Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:34 - IsiZulu 2020

34 Abanye esixukwini babememeza besho lokhu, nabanye besho lokhuya, ayangakwazi ukuthola iqiniso ngenxa yomsindo, yase iyala ukuba ayiswe enkanjini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.*

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Abanye phakathi kwesixuku bamemeza okunye, abanye okunye, kepha engakwazi ukuqiniseka ngenxa yesiyaluyalu, wayala ukuba ayiswe ekamu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Abanye phakathi kwesixuku bamemeza okunye, abanye okunye, kepha engakwazi ukuqiniseka ngenxa yesiyaluyalu, wayala ukuba ayiswe ekamu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:34
8 Referans Kwoze  

Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.


Abanye babememeza besho lokhu, abanye besho lokhuya, ngokuba isixuku sasiyaluza nje, futhi abaningi bengazi nokuthi kungani bebuthene.


Kepha umshana kaPawula walizwa icebo labo lokumlalela unyendle, bambulale, wayeseya enkanjini, wangena, wambikela uPawula.


induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe enkanjini, yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasici sini esibenza bamemeze kanje ngaye.


Lapho esezongeniswa enkanjini, uPawula wathi enduneni yenkulungwane: “Ngabe ngivunyelwe yini ukuba notho engilushoyo kuwe na?” Yona yathi: “Uyasazi yini isiGriki na?


Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.


Anginalutho oluqinisekileyo ngaye engingayilobela yona inkosi, yingakho-ke ngimlethe phambi kwakho, nkosi, Agripha, ukuze kuthi uma sewuluvavanyile udaba lwakhe, ngibe nakho engingakuloba.


Ngakusasa ashiya ababegibele amahhashi ukuba bahambe naye, wona ayesebuyela enkanjini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite