Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:33 - IsiZulu 2020

33 Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:33
18 Referans Kwoze  

engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawula, wazibopha ngalo izinyawo nezandla, wathi: “Usho lokhu uMoya oNgcwele, uthi: ‘Lo muntu ongumnikazi waleli bhande, abaJuda eJerusalema bazakumbopha kanje, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”


ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyangazisa ukuthi kulowo nalowo muzi ngilindelwe ukuboshwa nezinhlupheko.


Kwathi ngosuku uHerode ayehlose ukumkhuphula ngalo amyise kubantu, ngalobo busuku uPhethro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, kukhona nabalindi phambi komnyango ababeqaphe ijele.


Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Bamshiya masinyane labo ababezomhlola, nenduna yenkulungwane yesaba, lapho seyizwe ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile.


engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami.


UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”


Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


AmaFilisti ambamba, amkhipha amehlo, amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi. Wagwedla isigayo ejele.


UDelila wayesethatha izintambo ezintsha wambopha ngazo, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini elingaphakathi. Wazigqabula izintambo ezingalweni zakhe kwangathi umucu kakotini.


Amakhosi amaFilisti aletha kuye izintambo ezintsha eziyisikhombisa ezingakomiswa, wambopha ngazo.


Athi kuye: “Qha, sizokubopha nje kuphela, bese sikunikela esandleni sawo, asizukukubulala thina.” Ambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, amkhipha edwaleni.


Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite