Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:24 - IsiZulu 2020

24 wathathe uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuze aphuce amakhanda, khona bonke bezokwazi ukuthi akukho lutho oluliqiniso kulokho okubikiwe ngawe, kodwa ukuthi nawe uyavumelana nomthetho futhi uyawugcina.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Bathathe, uzihlambulule kanye nabo, ube necala kubo, ukuze baphuce amakhanda abo, bazi bonke ukuthi akulutho lokho abakubikelwe ngawe; kodwa ukuthi lawe uhamba ngokufaneleyo njalo ugcina umlayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Bathathe, uzihlambulule kanye nabo, ube necala kubo, ukuze baphuce amakhanda abo, bazi bonke ukuthi akulutho lokho abakubikelwe ngawe; kodwa ukuthi lawe uhamba ngokufaneleyo njalo ugcina umlayo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:24
20 Referans Kwoze  

Ngakho-ke uPawula wathatha lawo madoda, kwathi ngakusasa wazihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabazisa ngokuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kwenziwe umnikelo walowo nalowo.


okuthe ngisenza lokho, bangifica ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho sixuku nasiphithiphithi.


Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.


KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda. Kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho nakuba mina ngingephansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho.


UMose wehla entabeni, waya kubantu. Wabangcwelisa abantu base behlanza izingubo zabo.


Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe, kodwa lapho sebefikile, wamonyuka, wazehlukanisa nabo, ngokuba esaba abokusoka.


Lase liseduze iPhasika labaJuda, abaningi ababevela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema kungakabi yiPhasika ukuze bazihlambulule.


Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabafundi bakaJohane nomJuda othile mayelana nokuhlambulula.


Uma ivuka, abanamandla bangenwa yitwetwe ngenxa yevuso, baphela amandla.


Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.


ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.”


“ ‘Umnaziri uyophuca ikhanda lobunaziri bakhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobunaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.


“ ‘Nanku umthetho womnaziri lapho izinsuku zobunaziri bakhe seziphelele: uyakulethwa emnyango wethende lokuhlangana,


“ ‘Uma umuntu efa ngokuzuma eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobunaziri bakhe, uyakuphuca ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphuce ngosuku lwesikhombisa.


“ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobunaziri akuyukusondela nsingo ekhanda lakhe; uyoba ngcwele zize ziphelele izinsuku azehlukanisela ngazo kuSimakade, uyakuvumela ukuba nesihluthu ekhanda.


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite