Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 21:19 - IsiZulu 2020

19 UPawula esewabingelele, wawalandisa ngakho konke, ngakunye ngakunye, uNkulunkulu ayekwenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Wababingelela, wabalandisa ngazo zonke izinto uNkulunkulu abezenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wababingelela, wabalandisa ngazo zonke izinto uNkulunkulu abezenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 21:19
13 Referans Kwoze  

Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


ngokuba wayebalwe kanye nathi, futhi enesabelo kule nkonzo.”


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.


Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,


Isixuku sonke sathula; salalela uBharnabha noPawula belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.


Sebefikile eJerusalema, ibandla, abaphostoli, namalunga babemukela, base bebika ngakho konke uNkulunkulu ayekwenze ngabo.


nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi: ‘Rabi.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite