Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:35 - IsiZulu 2020

35 Kukho konke lokhu, nganikhombisa ukuthi kumele ukuba nisebenze kanzima, nibasize ababuthakathaka, niwakhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuthi Yona yathi: ‘Kubusesikile kakhulu ukupha kunokwemukela.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

35 Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:35
28 Referans Kwoze  

Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.


Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.


Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka balabo abangenamandla, singazithokozisi thina.


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Qinisani izandla eziyethileyo, niqinise amadolo axegayo.


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.


Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


Kodwa ohloniphekileyo uceba okuhloniphekileyo, futhi umi ngezinto ezihloniphekile.


Ngokuba yikuphi eningenzelwanga khona kunamanye amabandla, uma kungeyisikho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni-ke lelo cala.


Nalapho nginani ngeswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakhedoniya bakuqeda ukweswela kwami. Ezintweni zonke ngaqinisela ukuba ngingabi ngumthwalo kini, namanje ngisazokuzilinda.


Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, ninake izindaba zenu, nisebenze ngezandla zenu, njengalokhu saniyala,


Kepha engikwenzayo ngizoqhubeka ngikwenze, ukuze ngibancishe ithuba labo abafuna ithuba lokuba babonakale kungathi bayalingana nathi ngalokho abazincoma ngakho.


Uma abanye benaleli lungelo kini, pho thina asinalo yini eledlula elabo na? Nokho asilisebenzisanga leli gunya, kepha sibekezele ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKhristu.


Nina niyazi ukuthi ngazisebenzela ngalezi zandla zami ukwenelisa izidingo zami nezalabo enganginabo.


Esekushilo lokho, waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.


Ngokuba ngenxa yeGama, baphuma bengaphethe lutho phakathi kwabezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite