Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:27 - IsiZulu 2020

27 Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:27
23 Referans Kwoze  

Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.


kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, futhi asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokuveza obala iqiniso, sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ngabe sengiphenduke isitha senu ngokunitshela iqiniso na?


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa,


Kukho konke lokhu, nganikhombisa ukuthi kumele ukuba nisebenze kanzima, nibasize ababuthakathaka, niwakhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuthi Yona yathi: ‘Kubusesikile kakhulu ukupha kunokwemukela.’ ”


Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.


Kepha abaFarisi nezazimthetho abayemukelanga inhloso kaNkulunkulu emaqondana nabo, benqaba ukubhabhadiswa nguye.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Yethabani kuSimakade nina abalungileyo; nihlokome ngentokozo nina nonke enimsulwa enhliziyweni.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona.


Uma babemile emkhandlwini wami, bebeyokwenza abantu bami bawezwe amazwi ami, bebeyobanqanda endleleni yabo embi, nasezenzweni zabo zokukhohlakala.


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola.


Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami, ngikumemezele ukwethemba kwakho nensindiso yakho. Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu umusa wakho neqiniso lakho.


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”


UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.


UJeremiya, umphrofethi, wawakhuluma wonke lawa mazwi kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite