Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:16 - IsiZulu 2020

16 Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:16
17 Referans Kwoze  

Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike umkhosi wePhentekhoste,


Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye.


Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”


“Kwathi emva kweminyaka eminingi, ngabuyela esizweni sakithi, ngilethe izipho neminikelo,


Emva kokubafuna abafundi, sahlala khona izinsuku eziyikhombisa; beqhutshwa nguMoya, bamtshela uPawula ukuba angalubeki eJerusalema.


“Bhekani manje, ngiya eJerusalema ngokulalela nokuboshwa nguMoya, futhi angikwazi okuzakungehlela khona,


Kepha thina sahamba phambili, sayogibela isikebhe, salibhekisa e-Asu, lapho sasizomgibelisa khona uPawula, ngokuba wayehlele kanjalo, enqume yena ukuthi uzakuhamba ngezinyawo.


Thina santweza ngomkhumbi sisuka eFiliphu, emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, saze safika kubo eThrowa ezinsukwini ezinhlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.


kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi.


Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda.


“Uyowugcina umkhosi wamaviki, owolibo lukakolo ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ekupheleni konyaka.


Kwathi esengqongqozile esivalweni sesango, kweza intombazana ukuba ilalele; igama layo kunguRoda.


Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya.


Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile,


Wayephelezelwa nguSophathru kaPhiru waseBhiriya, abaseThesalonikha: u-Aristarku, uSekhundu, uGayu waseDerbe, uThimothewu, nabase-Asiya uThikhiku noThrofimu.


Kuthe esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya ngaziphatha kanjani isikhathi sonke nginani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite