Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 20:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi sesiphelile isiphithiphithi, uPawula wabiza abafundi, wabakhuthaza, wayesevalelisa, wahamba waya eMakhedoniya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wababiza abafundi, wabavuselela, wavalelisa, wamuka waya eMakedoniya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 20:1
20 Referans Kwoze  

Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi.


Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”


Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo,


Khonzani kubo bonke abazalwane ngokwanga okungcwele.


Bonke abazalwane bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwangana okungcwele.


Ngiyakuza kini uma sengedlulile eMakhedoniya, ngokuba ngiyakudlula khona eMakhedoniya.


Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza onke amabandla kaKhristu.


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Kepha uPawula wehla, walala phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningakhathazeki, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo.”


UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.”


Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu.


Amehlo ka-Israyeli ayesenqundekile ngenxa yobudala, engasaboni kahle. Ngakho-ke uJosefa wawasondeza, wayeseyawanga, wawagona.


Bingelelanani ngokwangana okungcwele.


Sasuka lapho saya eFiliphi, elingumuzi ovelele esifundeni saseMakhedoniya, ikoloni. Sahlala kulo muzi izinsuku ezithile.


Wanqamula kulezo zindawo, ekhuthaza abafundi ngokuningi, waze wayofika ezweni lamaGriki.


Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kuthe eselungiselela ukuya eSiriya ngomkhumbi, abaJuda bakha uzungu lokumbulala, wayesecabanga ukuba abuyele emuva ngendlela edabula eMakhedoniya.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite