Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:47 - IsiZulu 2020

47 bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:47
25 Referans Kwoze  

Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla.


Ngokuba izwi lesiphambano lingubuwula kwababhubhayo, kodwa kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


lowo okhonza uKhristu kulokhu, uyathandeka kuNkulunkulu, uyancomeka nakubantu.


Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.


Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.


U-Izaya wamemeza ngo-Israyeli, wathi: “Nakuba isibalo sabantu bakwa-Israyeli singangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


labo abamisile ngaphambilini, ubabizile futhi; labo ababizile, ubalungisisile futhi; labo abalungisisile, ubakhazimulisile futhi.


UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.


Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.


Abaphostoli bethula ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.


Kepha babengazi ukuthi bazokwenza kanjani, ngokuba bonke abantu babenamathele kuye, bemlalele.


Kodwa abaningi abalizwayo izwi bakholwa, babebalelwa emadodeni ayizi-5 000.


Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla.


Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


Bonke labo abakhe eLida naseSarona bambona, baphendukela eNkosini.


Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.


Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki.


Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya,


Ngakho-ke iningi labo lakholwa, nabesifazane abaqavile bamaGriki namadoda amaningana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite