Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:43 - IsiZulu 2020

43 Kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa wukwesaba; abaphostoli benza izimangaliso nezibonakaliso eziningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

43 Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:43
15 Referans Kwoze  

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona.


Bonke behlelwa wukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umphrofethi omkhulu phakathi kwethu,” bathi futhi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.


Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala.


Abaphostoli bethula ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Kulowo nalowo muzi, nakuleso sifundazwe, lapho izwi lenkosi nomthetho wayo kwase kufinyelele khona, kwaba nenjabulo nentokozo, abaJuda benedili, nosuku oluhle, bejabulile. Abantu abaningi bendawo baphenduka baba ngabaJuda, ngoba base bebesaba abaJuda.


UPhethro wathi kuye: “Eneya, uJesu uKhristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka ngokushesha.


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite