Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 2:41 - IsiZulu 2020

41 Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 2:41
21 Referans Kwoze  

Kodwa abaningi abalizwayo izwi bakholwa, babebalelwa emadodeni ayizi-5 000.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.


Sebekuzwile lokho, bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPhethro nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, sizokwenzenjani na?”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,


“Kuyakuthi wonke umuntu ongayukumlalela lowo mphrofethi, abhujiswe kubantu.


UJosefa wathumela, walanda uyise uJakobe nabo bonke abakubo, abantu abangama-75.


Sesisonke emkhunjini sasingama-276.


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi.


Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle, lwase luphenduka igazi elinjengelofileyo, kwafa konke okuphilayo olwandle.


USimoni Phethro wasuka, walihudulela emhlabathini inetha. Laligcwele izinhlanzi ezinkulu eziyi-153. Nakuba izinhlanzi zaziziningi kangako, nokho inetha alidabukanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite