Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 19:33 - IsiZulu 2020

33 Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 19:33
11 Referans Kwoze  

Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.


U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe.


kulabo kukhona uHimenewu no-Aleksandru, engibanikele kuSathane, ukuze bayalwe ukuba bangahlambalazi.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Umbusi wavuma ngokunqekuzisa ikhanda ukuba uPawula akhulume, waphendula wathi: “Ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumehluleli kulesi sizwe, ngiyathokoza ukuziphendulela ngalezi zinto,


Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi:


UPawula wayesesukuma, waphakamisa isandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:


Esephumile, kakwazanga ukukhuluma kubo; bakhanyelwa ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ekhuluma ngezandla, wahlala-ke eyisimungulu.


Kwathi ukuba bazi ukuthi ungumJuda, base bememeza bonke ngazwi linye, cishe amahora amabili, bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite