Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 19:19 - IsiZulu 2020

19 Kepha abanye balabo ababenza imilingo baqoqa izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke. Lapho sekubalwa inani lazo, kwatholakala ukuthi liyizinhlamvu zesiliva eziyizi-50 000.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Abaningi kwababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; babala intengo yazo, bathola izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Abaningi kwababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; babala intengo yazo, bathola izinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 19:19
23 Referans Kwoze  

Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, waligaya lacoliseka laba luthuli, waluvuvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantu bakwa-Israyeli.


Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu.


Sebedabulile esiqhingini sonke, baze bayofika ePhafu, bafumana indoda thize lapho eyabe ingumlumbi nomphrofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe kunguBharjesu,


Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi, abathwebulayo, abalumbi, namaKhaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo. Bangena, bama phambi kwenkosi.


Niyokuthatha njengokungcolile okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva, nesimbozo sezithombe zenu zegolide ezibunjiweyo; niyakuzilahla njengokowesifazane okungcolileyo, nithi kukho: “Suka lapha.”


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.


UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


“Noma-ke ngumuphi owesifazane ongathi enezinhlamvu zesiliva ezilishumi, alahlekelwe wuhlamvu olulodwa, angokheli isibani, ashanele endlini, alufunisise, aze aluthole na?


Abaningi kulabo abakholwayo beza bavuma futhi badalula izenzo zabo.


Uyoyishisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma yini yesikhumba enesifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite