Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 18:7 - IsiZulu 2020

7 Esesukile lapho, wangena endlini yomuntu, ogama lakhe nguThithu Justu, owayekhonza uNkulunkulu; indlu yakhe iseceleni kwesinagoge.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.*

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Wasesuka lapho, wangena endlini yomuntu othiwa nguJustusi, okhonza uNkulunkulu, ondlu yakhe yayiseduze lesinagoge.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wasesuka lapho, wangena endlini yomuntu othiwa nguJustusi, okhonza uNkulunkulu, ondlu yakhe yayiseduze lesinagoge.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 18:7
9 Referans Kwoze  

Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. INkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula.


noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi.


Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.


Sebephuma, babanxusa ukuba baphinde bawakhulume lawa mazwi kubo ngeSabatha elilandelayo.


Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.”


Wayengumuntu okholwayo nomesabayo uNkulunkulu kanye nabendlu yakhe yonke. Wayabela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu engaphezi.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.


Kuthe sebehlakazekile ababesesinagogeni, iningi labaJuda nabaphroselithe akhonzayo balandela uPawula noBharnabha, abakhuluma nabo bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.


Kepha abaJuda bavukuza abesifazane bezizwe ababalulekile, ababekhonza nabo nezikhulu zomuzi, babavusela ukuba oPawula noBharnabha bahlushwe futhi babaxosha emikhawulweni yezwe labo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite