Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 18:21 - IsiZulu 2020

21 kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 kepha wavalelisa wathi: “Ngizakubuyela futhi kini, uma uNkulunkulu evuma,” wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. wamuka ngomkhumbi e-Efesu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 18:21
28 Referans Kwoze  

Kodwa ngizofika kini kungakapholi maseko, uma iNkosi ivuma, ukuze ngithole kahle, hhayi ngamazwi alaba abazikhukhumezayo, kodwa ngamandla abo.


Empeleni ngabe nithi: “Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.”


Lokho siyakukwenza uma uNkulunkulu evuma.


nokuthi ngize ngifike kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.


ngingaphezi emikhulekweni yami, nginxusa ukuba uma kungenzeka ngokwentando kaNkulunkulu ngiphumelele ukufika kini.


Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.


Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi.


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Ngokuba manje angithandi ukunibona ngedlula, lokhu ngithemba ukuthi ngizakuhlala nani isikhathi, uma iNkosi ivuma.


Sesehlulekile ukumvimba, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”


Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”


ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.”


Omunye futhi wathi: “Nkosi, ngizakukulandela, kodwa ngivumele ngiyovalelisa kuqala kwabasekhaya.”


Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.”


“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.


Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.


Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda.


Kwathi noma bemncenga ukuba ahlale nabo isikhathi esijana, akaze avuma,


UmJuda othile, ogama lakhe kungu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokudabuka, indoda efundile futhi enolwazi olunzulu emibhalweni, wafika e-Efesu.


Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile,


Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu.


Ngokuba babekade bembonile phambilini uThroyifimu wase-Efesu esemzini naye, ababecabanga ukuthi uPawula umngenise ethempelini.


Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.


Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike umkhosi wePhentekhoste,


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu:


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yilowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, uthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite