Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 18:19 - IsiZulu 2020

19 Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni,* washumayela kubaJuda.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 18:19
21 Referans Kwoze  

Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.


Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo,


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu:


Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike umkhosi wePhentekhoste,


Uma njengomuntu ngalwa nezilo e-Efesu, pho nginanzuzoni ngalokho na? Uma abafileyo bengavuswa, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.


Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.


Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile,


UmJuda othile, ogama lakhe kungu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokudabuka, indoda efundile futhi enolwazi olunzulu emibhalweni, wafika e-Efesu.


Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yilowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, uthi:


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


UThikhiku ngimthume e-Efesu.


Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.


Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu.


kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi.


Kwathi noma bemncenga ukuba ahlale nabo isikhathi esijana, akaze avuma,


Sebekuzwile lokho, bathukuthela bathelwa ngamanzi, bamemeza bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”


Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na?


EseseMilethu, wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.


Ngokuba babekade bembonile phambilini uThroyifimu wase-Efesu esemzini naye, ababecabanga ukuthi uPawula umngenise ethempelini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite