Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle. abantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle abantu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:5
26 Referans Kwoze  

Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.


Kepha lapho abaJuda baseThesalonikha bezwa ukuthi uPawula ulishumayele izwi likaNkulunkulu naseBhiriya, banikela khona, bafike bazinyakazisa, bazivukuza izixuku.


umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu.


Uyakhonza kini uThimothewu oyisisebenzi kanye nami, noLukhiyu, uJasoni noSosiphathru, izihlobo zami.


uJasoni ubemukele, bonke laba abenza okuphambene nezimiso zikaKhesari, bethi kukhona enye inkosi enguJesu.”


Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane.


ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?


Impela sisengozini yokumangalelwa ngenxa yesiphithiphithi sanamuhla, ngokuba akukho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siyaluyalu.”


Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,


Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile.


Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.


UPilatu wayazi ukuthi uJesu bamnikele ngenxa yomona.


Zamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-70 ezazizithathe ethempelini likaBhali Bherethi; u-Abhimelekhi aqasha ngazo iziduphunga nezixhwanguxhwangu zamadoda, ukuba zimlandele.


Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye.


Ingqondo enokuthula inikeza ukuphila emzimbeni, kodwa umhawu ukubolisa amathambo.


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami, izidakwa zihaya ingoma ngami.


Kepha ekukhubekeni kwami, babuthana, bahlekisa ngami; ophumasilwe engingabazi bangithelekela, bangishaya bangayeka.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Kepha kuthe lapho bengabatholi base behudula uJasoni nabazalwane abathile, babayisa kumphathimuzi, bememeza bethi: “Laba abanyakazisa izwe lonke sebefikile nalapha,


bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, base bebakhulula.


Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga.


Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite