Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:26 - IsiZulu 2020

26 Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:26
20 Referans Kwoze  

Indoda yamqamba umkayo ngokuthi ngu-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.


“Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na?


Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa.


Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.


Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo.


Uma imihla yakhe inqunyiwe, nenani lezinsuku zakhe zikuwe, uwumisile umkhawulo wakhe, akasoze aweqa.


Wenza izizwe zibe zinkulu, bese ezibhubhisa, ukhulisa izizwe, bese ezihlakaza.


Kulawa madodana kaNowa amathathu kwavela kuwo abantu abasabalala nomhlaba wonke.


Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyukuphumelela, ngokuba ukuphela kusazokuba sesikhathini esimisiweyo.


Lila wena sango, udazuluke wena muzi; phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba kuvela intuthu enyakatho; akekho oyokwehlukana nebutho lakhe.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Kumemezeleni, nikuveze; yebo, mabaxoxe. Ngubani owakubikezela lokhu endulo, wakumemezela esikhathini sasemandulo na? AkusiMina Simakade na? Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akekho ngaphandle kwami.


okwaziwayo kwaphakade.


NguWena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba; nguWena owenza ihlobo nobusika.


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


Ukwenzele unkatho, isandla sakhe sakukala ngentambo, sababela, kwaba yifa labo laphakade, izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite