Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:23 - IsiZulu 2020

23 Ngokuba ngithe ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ngisho ne-althare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWA. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho kanye lokhu engishumayela ngakho kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Ngokuba ngithe ngidlula ngibuka izinto enizikhonzayo, ngathola i-altare elilotshiwe ukuthi: KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO. Ngakho-ke lowo enimkhonza ngokungazi, nguyena engimemezela kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ngithe ngidlula ngibuka izinto enizikhonzayo, ngathola i-altare elilotshiwe ukuthi: KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO. Ngakho-ke lowo enimkhonza ngokungazi, nguyena engimemezela kini.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:23
19 Referans Kwoze  

Nina nikhonza eningakwaziyo, kodwa thina sikhonza esikwaziyo, ngokuba insindiso ivela kubaJuda.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.


“Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kodwa Mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni.


Ngokuba nakuba kukhona okuthiwa onkulunkulu, noma ngabe kusezulwini noma kusemhlabeni, njengalokhu kukhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,


UJesu waphendula, wathi: “Uma ngizidumisa Mina, udumo lwami luyize. NguBaba onginika udumo, lo enikhuluma ngaye nithi unguNkulunkulu wenu.


kodwa bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”


Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso, azizazi izehlulelo zakhe. Haleluya!


Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.


Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngiyakukunika igama lodumo, noma ungangazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite