Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:23 - IsiZulu 2020

23 Sebebashayile imivimbo eminingi, bagqunywa etilongweni. Izinduna zayala umgciniziboshwa ukuba abaqaphelisise impela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 sezibashayile imivimbo eminingi, zabaphonsa etilongweni, zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Sebebashayile imivimbo eminingi, babaphonsa etilongweni, bayala umgciniziboshwa ukuba abagcine ngokunesizotha;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Sebebashayile imivimbo eminingi, babaphonsa etilongweni, bayala umgciniziboshwa ukuba abagcine ngokunesizotha;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:23
21 Referans Kwoze  

Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


nokho kungcono ukuba, ngenxa yothando, mina Pawula, osemdala futhi oyisiboshwa sikaKhristu uJesu, ngikuncenge.


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


Umgciniziboshwa wabikela uPawula lawa mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho-ke phumani khona manje, nihambe ngokuthula.”


Umgciniziboshwa esephapheme, wabona iminyango yejele ivulekile, wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wayecabanga ukuthi iziboshwa zeqile.


Ngakusasa, kwasuka isidumo esinamathambo phakathi kwabalindi, bengazi ukuthi kwenzekeni kuPhethro.


Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukuba emuva kwePhasika, amkhuphulele kubantu.


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.


Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.


zathi: “Ijele silithole livaliwe, nabaqaphi bemi eminyango, kepha sesivulile asitholanga muntu ngaphakathi.”


Babamba abaphostoli, babafaka ejele lombuso.


“Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.


Omkhaphelayo wayebanike isibonakaliso, wathi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni.”


Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.


ekushayweni, ekuboshweni, eziphithiphithini, ekukhandlekeni, ekuqwasheni, ekuzileni ukudla;


Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi.


Ngakho-ke uJoshuwa wabayala abaphristi, wathi: “Khuphukani niphume eJordani.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite