Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:22 - IsiZulu 2020

22 Isixuku sabavukela, izinduna zayalela ukuba bakhunyulwe izingubo, bashaywe ngezinduku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Isixuku sabavukela, nezinduna zayala ukuba bashaywe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Isixuku sabavukela, nezinduna zayala ukuba bashaywe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:22
15 Referans Kwoze  

Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.


ekushayweni, ekuboshweni, eziphithiphithini, ekukhandlekeni, ekuqwasheni, ekuzileni ukudla;


abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,


Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.


Kepha uPawula wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu, singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basigquma ejele. Manje basikhipha ngasese na? Phinde, neze! Abeze bona, basikhiphe.”


Sebebabizile abaphostoli, babashaya, babaxwayisa ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, base bebakhulula.


UPilatu wayesebakhululela uBharabha, kodwa eseshayiwe uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.


“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite