Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:20 - IsiZulu 2020

20 babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi, bebe bengabaJuda,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Wabayisa ezinduneni, wathi: Laba bantu bengamaJuda bawuhlupha kakhulu umuzi wakithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wabayisa ezinduneni, wathi: Laba bantu bengamaJuda bawuhlupha kakhulu umuzi wakithi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:20
14 Referans Kwoze  

Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.


Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


Kwathi ukuba bazi ukuthi ungumJuda, base bememeza bonke ngazwi linye, cishe amahora amabili, bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”


Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona.


UHerode, inkosi, esekuzwile lokho wakhathazeka nalo lonke iJerusalema.


Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”


Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,


bafundisa amasiko esingavunyelwe ukuba siwamukele noma siwenze thina esingamaRoma.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite