Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:16 - IsiZulu 2020

16 Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kwasekusithi siyakukhuleka, intombazana ethile eyayilomoya wokubhula yasihlangabeza, eyayizuzela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwasekusithi siyakukhuleka, intombazana ethile eyayilomoya wokubhula yasihlangabeza, eyayizuzela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:16
21 Referans Kwoze  

“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu,


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


Wayesethi uSawule ezincekwini zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuze ngiye kuye, ngiyobuza.” Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”


ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni.


Yakwenza lokhu izinsuku eziningi, kodwa uPawula esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu uKhristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi.


Ngosuku lweSabatha, saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho esasifuna kube yindawo yokukhuleka. Sesihleli phansi, sakhuluma nabesifazane ababebuthene lapho.


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemethriyu, umkhandi wesiliva owayenza amathempelana esiliva ka-Artemisi, wabalethela inzuzo enkulu abakhandi besiliva.


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite