Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:13 - IsiZulu 2020

13 Ngosuku lweSabatha, saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho esasifuna kube yindawo yokukhuleka. Sesihleli phansi, sakhuluma nabesifazane ababebuthene lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kwathi ngesabatha saphumela ngaphandle komuzi ngasemfuleni, lapho okwakumelwe ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kwabesifazane ababebuthene khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwathi ngesabatha saphumela ngaphandle komuzi ngasemfuleni, lapho okwakumelwe ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kwabesifazane ababebuthene khona.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:13
17 Referans Kwoze  

Sebesukile ePherge baya e-Antiyokhiya ePhisidiya, kwathi sebengenile esinagogeni ngosuku lweSabatha, bahlala phansi.


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sibuthanele ukuba sihlephule isinkwa, uPawula wayelokhu eshumayele lokho, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngoba wayehlose ukuhamba ngakusasa.


Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.


UPawula, njengokwejwayelekile, wangena khona kwaze kwaba ngamasabatha amathathu, ephendulana nabo ngokusemibhalweni,


Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya.


Sebephuma, babanxusa ukuba baphinde bawakhulume lawa mazwi kubo ngeSabatha elilandelayo.


Entathakusa wabuyela ethempelini, bonke abantu beza kuye, wayesehlala phansi wabafundisa.


UJesu wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha.


Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Kwabuthana izixuku eziningi, waze wangena esikebheni, wahlala phansi; isixuku sonke sasimi ogwini.


Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite