Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:1 - IsiZulu 2020

1 UPawula wahamba waze wafika eDerbe naseListra. Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:1
29 Referans Kwoze  

Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe.


kuThimothewu umntwana othandekayo: makube kuwe umusa, ububele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.


kuThimothewu, umntanami isiminya okholweni: makube kuwe umusa, ububele nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.


Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,


Yingakho ngithumele kini uThimothewu, umntwana wami othandekayo nothembekileyo eNkosini. Yena uyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKhristu, njengalokhu ngifundisa ezindaweni zonke nasemabandleni onke.


Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.


Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.


UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu:


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane,


Kepha ngethembela eNkosini uJesu ukuthi ngizothumela kini uThimothewu ngokushesha, ukuze nami ngigqugquzeleke nxa sengizwe izindaba ezivela kini.


Uyakhonza kini uThimothewu oyisisebenzi kanye nami, noLukhiyu, uJasoni noSosiphathru, izihlobo zami.


Sebekwazi lokho, babalekela emizini eLikhawoniya, iListra, eDerbe nasezweni langakhona.


Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu usekhululiwe. Uma efika masinyane ngizakunibona kanye naye.


Thimothewu mntanami, ngikunika lo myalo njengokweziphrofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe ukulwa okuhle,


UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Khristu: makube kini umusa nokuthula.


UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni.


Wayesethumela eMakhedoniya ababili abamsizayo, uThimothewu no-Erastu; yena uqobo wahlala isikhathi e-Asiya.


ukuhlushwa nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokhiya, e-Ikhoniyu naseListra. Izinhlupheko engazihluphekayo, ngazibekezelela, iNkosi yangikhulula kukho konke.


Kepha lapho uThimothewu esefikile kithi, evela kini, wasibikela izindaba zokukholwa ezihlabahlosile, nothando lwenu, nokuthi ukusikhumbula kwenu kuhle njalo, futhi niyalangazelela ukusibona, njengokuba nathi sifisa ukunibona.


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte nabo bonke abangcwele abakulo lonke i-Akhaya:


Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele.


Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya,


Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki.


Ngokuba bazithathela amadodakazi azo aba ngabafazi babo, bathathela namadodana abo. Balungcolisile ulibo olungcwele ngokuzihlanganisa nabezizwe. Abaholi nezikhulu baba ngobhongoza ekwenzeni lokho kungethembeki.”


Uma uThimothewu efika lapho, anoqikelela ukuba ahlale nani engenalo uvalo, ngokuba naye usebenza umsebenzi weNkosi njengami,


UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite