Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 15:8 - IsiZulu 2020

8 UNkulunkulu owazi izinhliziyo, wabafakazela ngokubapha uMoya oNgcwele njengathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 NoNkulunkulu owazi izinhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele, njengalokho enzile nakithi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 NoNkulunkulu owazi izinhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele, njengalokho enzile nakithi;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 15:8
23 Referans Kwoze  

Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili,


“Ukhona yini ongenqaba namanzi ukuba babhabhadiswe laba abamukele uMoya oNgcwele njengathi na?”


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.


Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.


UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


naye uBaba ongithumileyo uyifakazile ngami. Nina anikaze nilizwe iphimbo lakhe noma nibone isiqu sakhe.


Simakade Wamabandla, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba indaba yami ngiyibeke phambi kwakho.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Simakade Wamabandla, mehluleli olungileyo, ovivinya ingqondo nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba indaba yami ngiyibeke kuwe.


ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, uyakuthethelela, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, ngokuba nguwe wedwa owazi okusenhliziyweni yalowo nalowo muntu,


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Ngokuba kube kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanethwesi mthwalo ngaphezu kwalokho okumele nikwenze:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite