Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 15:40 - IsiZulu 2020

40 UPawula wazikhethela uSila, bahamba benikelwe emseni weNkosi ngabazalwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 15:40
14 Referans Kwoze  

Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.


Basuka lapho bantweza ngomkhumbi, baya e-Antiyokhiya, lapho banikelwa khona emseni kaNkulunkulu ngomsebenzi abase bewufezile.


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke.


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa ube nani.


Umusa weNkosi uJesu uKhristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


“Manje senginethula kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, Yena unamandla okwakha nokwabela ifa kubo bonke abangcwelisiweyo.


UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa.


Sebezilile ukudla, bakhuleka, bababeka izandla, babamukisa.


Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,


Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite